02/08/2023
INDANDATHO YEZINYEMBEZI 1(A)
Kusebusuku manje izkhathi zikhomba ihora lesi-9 njengoba kubonakala imoto kaMaMhlongo oneminyaka ethi ayibe ngamashumi ama-33 ubudala oshadele kwaMzimela nakuba indoda yakhe Sthembiso Mzimela ingasekho emhlabeni ngenxa yokudliswa upoison. Inyonyobeke imoto kaMaMhlongo ewuhlobo lweFortuner ize izongena lapha eGarage ayipake maqede ehle bese eyikhomba ngesikhiye ibange umsindo omncane okukhomba ukuthi iyakhiyeka. Ngebhadi uthe ethi uyaphenduka wase ezithela phezu kwamadoda amathathu amkhombe ngezibhamu ebsweni zifake izankwana azibonakali. "Shhhhh ungabe usakhuluma lutho sfebe, letha amacici, iNecklace, iwatch, ile ndandatho esemnweni wesobunxele bese uletha no Wallet" kusho esinye sezigebengu ezimkhombe ngezibhamu."Haweee , ningobani, ningene..." Angabe esaqeda ukukhuluma uMaMhlongo enye yalezi nsizwa imsakaze ngesidunu sesibhamu ekhanda awe phansi maqede imkhiphe indandatho emnweni, imkhiphe iwashi likabokusho lohlobo lwesiliva imkhumule iNecklace yeaGolide yohlobo oluphambili maqede imkhumule amacici kanokusho.Phela uNomusa(MaMhlongo)Mkhize lona wabe engusomabhizinisi onezimali ezishisiwe ophethe iNkampani yokwakhiwa kweMishanguzo."Asishayeni sichithe madoda sesiqedile" kusho enye yalezi zinsizwa maqede ziphume ngesango zibaleke.
Emva kweskhathi engamashumi amathathu nje lezi nsizwa zase zifikile endaweni yakwaMashu zisuka eLalucia lapho beziyigila khona lo Mhlola."Sesbuyile Maphara mfwethu sisishayile ispani ayikho engaphandle"."Vezani umsebenzi madoda niyeke ukulanda" kusho uSphamandla okungungqondo ngqondo walo msebenzi.Phela uSphamandla lona unobuhlakani bokushintshisa izinto ezakhiwe ngegolide, isiliva kanye nePlatinum bese edla eshisiwe imali le, inkinga ukwenza lokhu ngendlela engekho emthethweni."Manje uWallet bese niwenzani,kusuka nini nithatha izmali zabantu manje ngoba sithatha ubucwebe kuphela kubantu,futhi kungani le necklace inegazi,kusuka nini manje sichitha igazi masenza umsebenzi"kubuza uSphamandla ethetha ejulukile